Kuyintokozo kimina ukwethula emphakathini waseNingizimu Afrika uMthetho oHlongoziwe kwezemidlalo nokungcebeleka obukeziwe. LoMthetho Ohlongoziwe umele izinkolelo zezemidlalo nezokungcebeleka eNingizimu Afrika zokuthi ezemidlalo nokungcebeleka zibambe iqhaza kwezenhlalakahle yabo bonke ebantu baseNingizimu Afrika. Kuyindlela enhle kakhulu yokumbandakanya intsha emicimbini ezokwakha imiphakathi.
Eminyakeni emihlanu eyedlule, inqubobomgomo yokuqala kwezemidlalo nokungcebeleka yashicilelwa ngokokuqala eMthethweni Ohlongoziwe lapho izinselelo, izinqubomgomo nezandulelo kwabekwa kwacaca. Kuningi osekwenziwe ukuhlangabezana nalezo zinselelo nezandulelo, kodwa ngenxa yokusweleka kwesikhathi esanele nezinto zokusebenza iseyinde kakhulu indlela eya phambili. Ngokulandela isesekelo sezinqubomgomo namasu kahulumeni kuzwelonke, kuyadingeka ukuba izandulelo kwezemidlalo nokungcebelekwa kubuye kubhekisiswe futhi kushintshwe.
Ukuze kufezwe inqubomgomo kahulumeni yempilo engcono kuwonke wonke, nokwenza isizwe sidlale, ukusungulwa kweKhomishani yezeMidlalo nokuNgcebeleka yaseNingizimu Afrika kuyisinyathelo esibalulekile esizoqinisekisa ukuthi ezemidlalo zifinyelela kuzo zonke izingxenye zeNingizimu Afrika. Iminikelo ephuma kubaxhasi abanjenge, ukuSizwa kwabaMpofu (Poverty Relief), Ukwakhiwa kweziNgqalasizinda (Infrastructure Creation), iminikelo eyaqoqwa eNgqungqutheleni yezemisebenzi (Job summit) kanye nemali etholakala kulothali kaZwelonke (National lottery) yokuthuthukisa izimfanelo zezemidlalo nokungcebeleka ezindaweni ebezinganakiwe nguhulumeni odlule izoba yindlela efanele yokwenza ezemidlalo zitholakale kuzakhamuzi zakuleli eziningi.
AbezeMidlalo nokuNgcebeleka eNingizimu Afrika (SRSA) bazinqumele lezi mpokophelo ezilandelayo, eziyisisekelo somgomo othi "senza isizwe sidlale".
a ukwandisa izinga lokubamba iqhaza emicimbini yezemidlalo nezokungcebeleka b Ukuphakamisa umlando wezemidlalo nakuba kunezinto eziphikisanayo.
c Ukwandisa amathuba empumelelo emicimbini emikhulu.
d Ukubeka phambili ezemidlalo emizamweni yokuhlangabezana nezinto ezibakulekile kuzwelonke.
Zonke izandulelo zithatha umgudu woguquko futhi lelibhukwana liyahlangabezana ngokwanele nalomsebenzi osezandleni, sibe singadluki emisebenzi wethu emgudwini wenqubomgomo kaHulumeni kazwelonke.
Senza isizwe sidlale umongo/indikimba yaloMthetho oHlongoziwe.
Ukufezekisa lenhloso kudinga imizamo nokuzinikela kukahulumeni, izinhlangano ezizimele (NGOs),umkhakha ongekho ngaphansi kukahulumeni, yilowo nayilowo othintekayo unendima okufanele ayidlale ekwakheni isisekelo sesiko lezemidlalo nokungcebeleka. Umthwalo wokwakha izinto nezindawo zokudlala nokungcebeleka usemahlombe abezeMidlalo NokuNgcebeleka eNingizimu Afrika (SRSA) neKhomishani yezeMidlalo eNingizimu Afrika (SASC).
Ukungalingani phakathi kwemiphakathi enanakekelwe kangcono okuvamise ukuba ngeyasemadolobheni nemiphakathi enganakiwe, ikakhulukazi okungeyasemaphandleni.
Ubusha bohlelomgono nenqubomgomo yokuthuthukiswa kwezemidlalo nokungcebeleka.
Isidingo sokuba iNingizimu Afrika ithathe indawo enelungelo layo emphakathini wezemidlalo womhlaba.
Federations (IFs). Nangaphezu kwalokhu, imiphumela yezombusazwe, amandla ezenhlalakahle nezomnotho, njengendima nomthelela wokopeletsheni bezizwe ezahlukene, nokuthengiswa kwezemidlalo nokukhula komkhakha wezezindaba, kungeze kwabhekelwa phansi.
Sekwenziwe imizamo eminingi kuzanywa ukuchaza ngokwanele ezemidlalo nokungcebekela. Kodwa akukaze kutholakale ukuvumelana ngalokhu. Ngokwenhloso yaloMthetho oHlongoziwe, lechazelo elandelayo yanele.
EZEMIDLALO zingachazwa njengokwenza noma yini edinga ukusentshenziswa komzimba futhi labo abadlalayo kufanele balandele indlela emisiwe noma engamisiwe okuqhutshwa ngayo, ngenhloso yokuthola ophume phambili noma owinile, nokuba kungenjalo; noma ngenhloso yokuphumula, ukuzanelisa, umzimba ophilile, ukukhula ngokomoya nentuthuko.
Kodwa, mhlasimbe okubaluleke kunakho konke indima yezemidlalo yokuzama ukwakha ukubumbana kwesizwe.
Umthelela wezemidlalo nokungcebeleka akugcini nje kuphela kulabo abadlalayo noma abambe iqhaza. Uyazwakala kweminye imikhakha yempilo eminingi njengezeMpilo; ezeMfundo; ezoMnotho; ukuziphatha okungahambisani nenhlalakahle; ukwakhiwa kwesizwe nobudlelwane bamazwe.
Kulindeleke ukuba abezeMidlalo nokuNgcebeleka eNingizimu Afrika bahlinzekele izidingo zabo bonke abantu, babe isebenzisa isamba semali esilinganayo naleso esasisentshenziswa ukuhlinzekela ingxenye enga-20 ekhulwini yabantu ngesikhathi sikahulumeni odlule.
Nakuba indlela esibheka ngayo ezemidlalo nezokungcebeleka kufanele isuselwe kumagugu nezinkolelo zaseNingizimu Afrika, ukuma kwezwe, imiphakathi yayo, umlando wayo, ilifa layo, inqubomgomo yezemidlalo nezokungcebeleka kuzwelonke, kufanele ihambisane nokwenzeka emhlabeni.
Kutholakala ukuthi kunokungazi ngendima edlalwa ezemidlalo nokungcebeleka kulelizwe. IziNhloko zethimba loHulumeni be-Commonweath ebelise-Harare ngo lathola lokhu okulandelayo mayelana nomthelela wezemidlalo emphakathini: Isikhathi sesifikile sokuba indima ebalulekile edlalwa ngezemidlalo ekwakheni izizwe yamukelwe ngokugcwele. Ezemidlalo zingukulondoloza. Okukuqala zingululondoloza kwezempilo, ukuphila kade nomkhiqizo walabo bantu noma ukwenza umsebenzi oncomekayo kwabantu. Okwesibili zingukulondolozela ikusasa. Izizunzo ezitholwa yinhlalakahle zimbandakanya ukwenziwa-ngcono kwezempilo nomzimba, ingqondo nokuphila kahle ngokomoya kubo bonke abantu. Ngaphezu kwalokho abadlali abavelele baba yizibonelo ezinhle entsheni yalelozwe, njengabantu abavelele, nanjengezithunywa zalelozwe nakuba zingakhethwangwa nguhulumeni, futhi njengabantu abazimisele ngokuqophisana okulinganayo nokwamukelekile.
i Izifo eziningi ezifana nokukhuphuka kokushaya kwegazi zincike ekulashweni noma/kanye nokuvocavoca umzimba okufanele kulandelwe.
Emazweni asathuthuka kunenkolelo yokuthi lelo nalelo randi elisentshenziswe ezindlekweni zezemidlalo nokungcebelela, kwehliswa izindleko zezempilo ngamarandi ayikhulu.
i Ucwaningo lukhombisa ukuthi ezemidlalo zihlomisa umntwana ngamakhono empilo ngendlela engedlulwa ngenye yezinto ezenziwayo.
Kunobufakazi futhi obukhombisa ukuthi ukukhula kwemfundo ngokomzimba kuholela ekwenzeni kangcono ezifundweni.
i Njengoba zinomthelela omuhle kwezempilo, okwenziwa ngomzimba kunomthelela omuhle ezingeni lomkhiqizo.
Ukwehla kwamazinga okuphutha emsebenzini kuhambisana nokuphila kahle ngokomzimba okuyingxenye enga-23 ekhulwini okuholela ekongeni usuku nengxenye lokusebenza ngonyaka.
Okuphikisana nesisho esithi usathane uyawatholela umsebenzi amavila yileso sisho esithi umntwana okwezemidlalo umntwana ongekho enkantolo.
Ukuziphatha njengeselelesi kuhambisana nokungazithembi, kanti ukuphumelela kwezemidlalo nokungcebeleka kwenza ngcono ukuzethemba.
Labo abayizibonelo ezinhle kwezemidlalo baphakathi kwalabo abavela namasu akhayo emazweni amaningi iv Impumelelo kwezemidlalo njengebhola lombhoxo rugby, ibhola lezinyawo nokushaya isibhakela kuholele ekuncipheni kwezigameko zokuncwasana ngokwebala kulelizwe.
i Impumelelo kwezemidlalo ilethe ukuhlonishwa, ngisho kumazwe amancane.
Amazwe amaningi aya ngokwanda elandela ukubambisana kwezemidlalo nokungcebeleka nasekwakheni izinqubomgomo namanye amazwe.
Ngokwamukela ukwanda komthelela wezemidlalo nokungcebeleka kuyo yonke imikhakha yomphakathi, uNgqongqoshe wezeMidlalo nokuNgcebeleka eNingizimu Afrika neKhomishani yezemidlalo eNingizimu Afrika bavumelene ngalezi zandulelo eziyisishiyangalombili ezilandelayo eziyisisekelo soMthetho oHlongoziwe.
Ukuqinisekisa izindima nokuhlelemba imithwalo yabathintekayo kwezemidlalo nokungcebeleka ukuze kuqinisekiswe ukufezeka kokuqondiswa nokonga.
IPhalamende, ikakhulukazi uNgqongqoshe neKomiti LeNdlu yeziFundazwe, yibona abanomthwalo wokuchaza inqubomgomo kahulumeni; imithetho yephalamende, ukwabiwa kwezimali zezemidlalo nokungcebeleka.
Ukwandisa amazinga okuzimbandakanya kwezemidlalo nokungcebeleka.
Ukuqhakambisa ezemidlalo noma kunezinye izandulelo eziphikisayo.
Ukukhuphulela phezulu amathuba empumelelo emiqhudelwaneni emikhulu namanye amazwe.
Ukubeka ezemidlalo phambili emizamweni yokulungisa izindaba kuzwelonke.
Thuthukisa ezeMidlalo, ngale kokugudluka kwinqubomgomo kazwelonke yezemidlalo nokungcebeleka.
a Ukwengamela amavoti ezemidlalo nokungcebeleka kuhulumeni kazwelonke.
b Ukwelekelela ihhovisi likaNgqongqoshe wezeMidlalo nokuNgcebeleka.
c Ukunikezela ngosizo ngasohlangothini lukahulumeni kubo bonke abathintekayo kwezemidlalo nokungcebeleka.
d Ukuqondisa nokubamba iqhaza ekubhalweni kwayo yonke imithetho yezemidlalo nokungcebeleka.
e Ukutolika kabanzi inqubomgomo kahulumeni, nokuhumusha inqubomgomo kahulumeni ukuze ihambisane nezinqubomgomo zezemidlalo nokungcebeleka eNingizimu Afrika, ukubuyekeza lezo zinqubomgomo uma kudingekile ngaleso sikhathi nokubeka iso ngama-Presidential Sport Awards ezikhishwa njalo ngonyaka.
kUkuzama ukutholela izidingo zokusentshenziswa kwezemidlalo nokungcebeleka kumazwe aphesheya kwezilwandle ngokulandela imigudu efanele kaSikhwama kaZwelonke.
lUkusakaza izindaba eziphathelene nezemidlalo nokungcebeleka ngasohlangothini lukaHulumeni.
mUkuphendula nokuqondisa izimpendulo zemibuzo ebuzwa ephalamende mayelana nezemidlalo nokungcebeleka.
nUkwenza lula nokuqondisa nokubeka iso ekwakhiweni nokulungiswa kwezingqalasizinda zezemidlalo nokungcebeleka ngokulandela uhlelo "Sakhela ezemidlalo nokungcebeleka".
a Ukubeka iso ekulawulweni kwezemidlalo nokungcebeleka kuleso sifundazwe okufanele kuhambisane nenqubomgomo kazwelonke yezemidlalo e Ukuqondisa ukubandakanywa kweminye iminyango kahulumeni wesifundazwe ukuze kuqinisekiswe ukuvumelana kwenqubomgomo yesifundazwe kwezemidlalo nokungcebeleka.
f Ukusebenzisa izivumelwane namanye amazwe ezenziwe iNhlangano yezeMidlalo nokungcebeleka eNingizimu Afrika ngenhloso yokwabelana ngobuchwepheshe, namakhono okuthuthukisa ezemidlalo nokungcebeleka.
Iziphathimandla zasekhaya yizona ezibhekene ngqo nokusondezwa kwezemidlalo nokungcebeleka.
a ukumisa umhlahlandlela wenqubomgomo yokuphathwa kwezemidlalo nokungcebeleka ezingeni lasekhaya ohambisanayo nenqubomgomo kazwelonke neyesiFundazwe yezemidlalo nokungcebeleka.
b Ukwenza ezemidlalo nokungcebeleka kutholakale kubo bonke abantu bakuleyondawo.
c Ukwakha izingqalasizinda ezidingekayo zokusentshenziswa kwezemidlalo nokungcebeleka.
Uma ubheka ukuthi amaqembu yiwona ayisisekelo kwezemidlalo nokungcebeleka, iziphathimandla a ukumisa nokusentshenziswa kohlelo lwezemidlalo lukazwelonke nokuqinisekisa ukuthi izindawo zezemidlalo ziyathokala kubo bonke , nokuthi zikhona izingqalasizinda zokuqhudelana namaqembu, nokuthi ziphathwa ngobungcweti.
Ukuqagula nokuqoqela ndawonye izinto nezindawo zokudlala, amaqembu nezidingo zezingqalasizinda zemiqhudelwano, bese idweba uhlelo lwesikhashana.
Ukuthuthukisa nokunikezela ngamathuluzi noqeqesho ukuze kuqinisekwe ukuthi izinto zokudlala, nezigungu zamaqembu nemiqhudelwano kuphathwa ngobungcweti.
b Ukuthuthukisa amazinga emicimbi yezemidlalo yamazwe ngamazwe ebanjelwa lapha eNingizimu Afrika.
Ukumisa noma ukudweba uhlelo nokuqinisekisa ukusentshenziswa kohlelo lokubhida nokubamba imicimbi yamazwe ngamazwe.
Ukusiza lezo nhlangano ezinikwe imvume yokubamba imicimbi yamazwe ngamazwe.
c Ukuqinisekisa ukuthi kukhona izindlela zokuxazululwa kwezinkinga ezimisiwe ezamukelwe yizinhlangano, okuphepha, nokwesekelwa ngumphakathi.
Ukusungula nokunikela ngezimfanelo zokusebenza izikhungo zezemidlalo ukuze kube yizona ezinikeza lolusizo.
Ukuqagula ezemidlalo ezihamba phambili okuzobhekiswa kuzo izimfanelo/izidingo, ukuqaphela inqubekela-phambili yazo nokungenelela uma kudingeka.
Ukutholwa, ukuphathwa nokusakaza ulwazi ngezemidlalo nokungcebeleka ukuze kakhiwe isizinda solwazi.
Ukwakha ukuhlanganyela ukuze kwenziwa lula ukutholakala kwezimali nezinye izimfanelo kubaxhasi, kuhulumeni nemincintiswana kazwelonke.
Ukunikeza usizo lwezimali ngokumisa izinhlelo zokusiza ama-athilethikhi.
Ukwaluleka uNgqongqoshe wezeMidlalo nokuNgcebeleka. kanye nokusebenza njengesithunywa esiyinhloko yeSikhungo sikwaZwelonke kanye nokulawula iZikhungo zokuqeqesha ama-Olimpikhi.
c Ukuqiniseka ukuthi kukhona izindlela zangaphakathi zokuxazulula izinkinga phakathi kwalo nalabo abahlanganyela nabo.
Ukumisa inqubomgomo engagudlukile kunqubomgomo kazwelonke yezeMidlalo nokungcebeleka, izithunywa okufanele zihole lomsebenzi yizinhlangano zeziFundazwe nemigwamanda emikhulu.
Ukuxhaswa ngezimali kwalezi zithunywa ezingenhla.
Ukulungiswa kwezingqalasizinda ezakhiwe iziphathimandla zasekhaya, ukuze zisentshenziswe uma kunemicimbi kazwelonke neyezifundazwe.
Ukumisa inqubomgomo ezingeni lohulumeni basekhaya.
Ukuxhaswa ngezimali kwezithunywa ezisemqoka, njengamaqembu noma abantu ngabanye.
Ukwakha izingqalasizinda ezizosentshenziswa ezingeni lasekhaya noma izifundazwe.
f Ukwenza izinqubomgomo zeminye iminyango kahulumeni zihambisane nenqubomgomo yezemidlalo nokungcebeleka ngomoya wokuhlela nokusiza umphakathi ngokubambisana.
g Ukunikeza izaluleko zezomthetho ngasohlangothini lukahulumeni kubo bonke abathintekayo kwezemidlalo nokungcebeleka.
h Ukuxhasa ngezimali labo abasizwa ngabezeMidlalo nokuNgcebeleka eNingizimu Afrika ngokuhambisana noMthetho wokuPhathwa kwezimali zoMbuso PFMA, nemithethonkambiso yawo, kanye nenqubomgomo yokuxhasa ngezimali yabezeMidlalo nokuNgcebeleka eNingizimu Afrika, ukubeka iso ekusentshenzisweni kwalezo zimali, ukwaluleka labo abaxhaswayo ngokuphathwa kwezimali.
i Ukwengamela ubudlelwano kuhulumeni okusho ubudlelwano phakathi kweminyango kahulumeni waseNingizimu Afrika naphakathi kwabantu ngokwabo kanye nohulumeni bamanye amazwe ababambisene neNingizimu Afrika kwezemidlalo nokungcebeleka.
j Ukuqhakambisa labo badlali ababambe iqhaza ngokuvelele emphakathini waseNingizimu Afrika ngokubanikeza izidondo ezibizwa ngokulandela inqubomgomo kahulumeni kaZwelonke.
b Ukuqhubela phambili ezemidlalo nokungcebeleka ePhalamende.
d Ukwaluleka ngokwenziwa kwamanye amazwe kwezemidlalo nokungcebeleka.
Ohulumeni bezifundazwe yibona abaseduze nomphakathi mayelana nokuletha usizo lwezemidlalo nokungcebeleka kunohulumeni kazwelonke.
aBenze ezemidlalo nokungcebeleka zitholakale/zifinyeleleke kalula kubo bonke abantu baleso sifundazwe.
a Bakhe izingqalasizinda ezidingekayo zezemidlalo nokungcebeleka, nokunakekelwa kwazo.
c Baqinisekise ukuthi kukhona izinhlelo zokuthuthukisa amakhono abantu kwezemidlalo nokungcebeleka.
dBamise umhlahlandlela wenqubomgomo yokuphathwa kwezemidlalo nokungcebeleka zasekhaya yizona ezingumxhumanisi obalulekile.
d Ukuqinisekisa ukuthi kukhona izinhlelo zokuthuthukisa amakhono abantu kwezemidlalo nokungcebeleka.
e Ukusebenzisa izivumelwano namanye amazwe ezenziwe iNhlangano yezeMidlalo nokungcebeleka eNingizimu Afrika ngenhloso yokwabelana ngobuchwepheshe, namakhono okuthuthukisa ezemidlalo nokungcebeleka.
Nakuba leKhomishani yezeMidlalo (SASC) inesibopho sokwenza lula nokuqaphela ukuqhubekela phambili kwababambe iqhaza ngokuthuthukisa nokuqhubela phambili ezemidlalo, ifanele ibambe iqhaza lokukhuthaza labo abangabambe qhaza kwezemidlalo ngezinhlelo zokungcebeleka. Kulomkhakha iKhomishani yezeMidlali (SASC) idlala indima ebalulekile.
Ukuphathwa, ukuqhubekisa nokuqondiswa kwezemidlalo nokungcebeleka yiKhomishani yezeMidlalo eNingizimu Afrika ngaphambi kokuba ingenelele yona ngokulamula noma ngaphambi kokuba kungenelele uNgqongqoshe.
Ukusungula ukuhlanganyela nokuxhumana nabanye abathintekayo ukuze kuvunjululwe amathalente nokunikeza usizo lwesayensi, uqeqesho, ukuqeqesha nokuthuthukisa amakhono mayelana nokudingeka kwenqubomgomo yezemidlalo.
Ukumisa nokusebenzisa inqubomgomo yokuxhaswa ngezimali kwezemidlalo, iziguquko kwezemidlalo, ukuphathwa kwezemidlalo mayelana nobulunga beKhomishani yezeMidlalo (SASC), kanye nemibala kazwelonke.
Ukumisa ezinye izinqubomgomo ezingadingeka ukwenzangcono, ukuthuthukisa nokuqondisa ezemidlalo nokungcebeleka.
a Ukulandelwa kweNqubomgomo kahulumeni kwezemidlalo nokungcebeleka ezingeni likazwelonke.
b Umongo womsebenzi weKomiti kaZwelonke yama-Olimpiki NOCSA ngokoMqulu wesivumelwano wama-Olimpiki, ngukuqinisekisa ukubamba iqhaza kwama-athilethikhi aseNingizimu Afrika emidlalweni yama-Olimpiki, nokufeza igunya layo lokubeka ezemidlalo eqophelweni eliphezulu.
a Ukulandelwa kwenqubomgomo kaHulumeni kwezemidlalo nokungcebeleka ezingeni likazwelonke.
c Ukumela amagatsha ayo eziKhungweni zamazwe ngamazwe njenge CHOGM Ikomiti lezemidlalo ne CGF.
LeNhlangano iyikomiti elizimele elikhethwe izinhlangano zikazwelonke futhi lixhumene nenhlangano yezemidlalo yeCommonwelath (CGF).
a Ukulandelwa kweNqubomgomo kaHulumeni kwezemidlalo nokungcebeleka ezingeni likazwelonke , neleziFundazwe nasezingeni lasekhaya.
b Ingqikithi yomsebenzi weNhlangano kazwelonke ukuba yisithunywa esiyinhloko sokuletha ezemidlalo ngokulandela izimfihlo zayo, lokhu kungenziwa ngokuqinisekisa ukufinyeleleka kwezemidlalo, izinhlelo zokuvumbulula amathalente, ukusungulwa kwamavolontiya nokwandisa nokuzimbandakanya.
d Ukumisa izindlela zangaphakathi zokuxazulula izinkinga kubalandeli bezemidlalo nokumema imigwamanda emikhulu ukuba izoxazulula uma kudingekile.
e Ukuhamba phambili ekuthuthukisweni kwezemidlalo ukuze kuqiniseke ukumelwa kwazo zonke izinhlanga.
f Ukumela ezemidlalo ezikhungweni ezinkulu, kuhulumeni, kumazwekazi nesezikhungweni zamazwe ngamazwe.
Izinhlangano zeziFundazwe zinomsebenzi ofanayo nalowo weziNhlangano zikaZwelonke, umehluko obalulekile izindawo abasebenza kuzo.
a Ukulandela inqubomgomo kahulumeni yezemidlalo nokungcebeleka ezingeni lezikole.
Ukuqondisa imiqhudelwano yezikole zona zodwa noma nezinye izikole.
Ukusungula izinhlelo zokuqeqesha nokuthuthukisa amathishela.
nomphakathi ngezidingo (kokubili abantu nezingqalasizinda), ukukhuphulela phezulu izinga lokubamba iqhaza kanye nokuqondisa imiqhudelwano yezikhungo nezinye izikhungo.
c ukwenza iziphakamiso kumigwamanda emikhulu naseMinyangweni kahulumeni efanele mayelana nezemidlalo ezikhungweni zemfundo ephakeme.
dUkuxhumana nezinhlangano ezingeni likazwelonke nezifundazwe mayelana nezemidlalo ezikhungweni zemfundo ephakeme.
f Ukwenza lula ukubamba iqhaza kweNingizimu Afrika emicimbini yezemidlalo yezikhungo zemfundo ephakeme zamazwe ngamazwe.
Iqembu yilona eliyisisekelo sezemidlalo nokungcebeleka.
a Ukulandelwa kwenqubomgomo yezemidlalo nokungcebeleka ezingeni lamaviyo nakubantu ngabodwana.
b Ingqikithi yomsebenzi walo ngukwandisa kwabantu ngezinhlelo kube nesikhathi esiningi sokuphumula, okuholela ekhukhuleni komkhakha wezokuphumula emhlabeni wezomnotho. abezeMidlalo nokuNgcebeleka eNingizimu Afrika (SRSA)neKhomishani (SASC) zisaqhubeka nokufuna izindlela ezingaheha abaxhasi kwezezimboni abangaxhasa ngezimali abalandeli bezemidlalo. Lomdwebo olandelayo ukhombisa isilinganiso sezimali ezasentshenziswa nguhulumeni nomkhakha wangasese kwezemidlalo nokungcebeleka ngonyaka ka 1999.
Ukunikeza imibono ohlelweni lwezemfundo yokomzimba.
c Ukwenza iziphakamiso eziKhungweni ezinikele ngezimali nasemiNyangweni kahulumeni ethintekayo mayelana nezemidlalo zezikole.
d Ukuxhumana nezinhlangano zikazwelonke nezeziFundazwe mayelana nezemidlalo yezingane nentsha.
a Ukulandelwa kwenqubomgomo kahulumeni kwezemidlalo nokungcebeleka ezikhungweni zemfundo ephakeme.
b Ingqikithi yomsebenzi wayo imbandakanya ukwabelana zokudoba/ukuheha abantu.
d Ukwenza iziphakamiso ezihlanganweni zesiFundazwe nakuziphathimandla zasekhaya ukuze aqoqe izimfanelo azozisebenzisa ukwenza umsebenzi wawo.
eYiwoma ayinqola ephambili yokuvumbulula, ukuthuthukisa nokondla/ukunonophalisa amathalente.
Angeke kwenzeka ukuthi uhulumeni yedwa ahlangabezana nazo zonke izidingo zezemidlalo nokungcebeleka. Ngalesi sizathu, ukuhlanganyela phakathi kukahulumeni, izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni (NGO) ezibhekele ezemidlalo nokungcebeleka, kanye nosomabhizimisi, kubalulekile kakhulu ukuze kutholakale izimali nezidingo ezizothuthukisa lesi sikhungo. UNgqongqoshe, abezeMidlalo nokuNgcebeleka eNingizimu Afrika (SRSA) kanye neKhomishani (SASC) bayazi ngomthethela wezemidlalo kwezomnotho nokukhula ngesivinini kokuthengiselana ngezemidlalo. Empeleni, ezemidlalo seziyimboni ngokwazo, futhi zibambe iqhaza emkhiqizweni wezwe (GDP).
Ukunikela ngemali ukuze kwakhiwe noma kulungiswe izidingo noma izimfanelo zezemidlalo ezindaweni ezazinganakiwe ngaphambilini.
Inselelo ekhona mayelana nezidingo eNingizimu Afrika akukhona nje ukungabi bikho ngokwanele kwezidingo kodwa ukuthi zikuyiphi indawo lezo zidingo- zikhona ezindaweni lapho kukhona abantu abaningi, Ngaphezu kwalokho, kungumbono kaNgqongqoshe nabezeMidlalo NokuNgcebeleka eNingizimu Afrika (SRSA), neKhomishani (SASC) ukuthi ukumbandakanywa komphakathi kungenza isiqiniseko sokuthi izakhamuzi zizithathe njengabanini balezo zidingo, okungasiza ekunakekelweni nasekuphathweni kwazo. AbezeMidlalo nokuNgcebeleka eNingizimu Afrika nezithunywa zayo iyozama ukusebenzisa amakhono akuleyondawo ukwakha nokwenza-ngcono izidingo zezemidlalo- lokhu kuyodala amathuba emisebenzi. Zonke izidingo zezemidlalo kufanele zifinyeleleke kalula ngabadlali abakhubazekile.
Abahlosiwe: Izikole, amaqembu, izinhlangano zokungcebeleka.
Izidingo zemicimbi yeziFundazwe nekaZwelonke.
Izidingo zokusentshenziswa emicimbini yamazwe ngamazwe nekazwelonke.
Ucwaningo nokucwaninga amabhuku ezimali.
Ukukhombisa umdwebo oyisibonelo sezidingo.
Ukuthuthukisa nokukhuthaza umkhakha wangasese ukuba uzithathele ithuba lokusiza.
Ukuthuthukisa amakhono adingekayo ukuze kuphathwe ngokuyikho ezemidlalo.
Intuba yokungena kuleqhubeko ngumsebenzi kahulumeni omusha sha, umphathi, umqeqeshi noma imenenja yezidingo yilelizinga "eliyisisekelo". Ngesikhathi ethola amakhono laba bantu bazogogotha bekhuphuke baze bafinyelele ezingeni "lokwenza kahle hle".
Uhulumeni wesikhathi esedlule wayengenalo uhlelo lokuthuthukisa abantu kwezemidlalo nokungcebeleka. Imikhuba yamazwe ngamazwe nayo ikhombisa ukuthi kunesimo esiyisibhicongo ngabantu abazinikelayo emazweni asathuthuka.
Okobuchwepheshe, isibonelo ezokwelapha.
Usizo olujwayelekile, isibonelo, abashayeli, abaqaphi.
Kuyokwethulwa izinhlelo ezithile zokudoba amavolontiya emkhakheni eyahlukene ehlosiwe. Bese kwakhiwa isizinda solwazi esinemininingwane yawo wonke amavolontiya.
d Ukwamukelwa kwamavolontiya.
Kuyomiswa uhlelo lokubonga amavolontiya, lapho amavolontiya ayobongwa ngezidondo ezikhethekile ngosizo lwawo kwezemidlalo nokungcebeleka.
Ukukhuthaza umphakathi ukuba usebenzise umzimba ukuze uhlale unempilo nokuthi usebenzise leyo mzimba ephilayo namathalente awo ukungenela imiqhudelwano yezemidlalo.
ukudoba nokukhuthaza intsha nabadala ukuba babambe iqhaza ekuvocavoceni imizimba ukukhuthaza umphakathi ukuba usebenzise imizimba ukuze uhlale unempilo.
Ukushoshozela labo abangabambe qhaza ukuba nabo babambe iqhaza ekuvocavoceni umzimba.
Kunamaphuzu amabili okufanele abekwe phambili kulesi sandulelo, okungezokungcebeleka nokuthuthukisa ezemidlalo.
Umsebenzi wezokungcebeleka uselwazini olutholakala kulowo mdlalo kunomdlalo qobo lwawo. AbezeMidlalo nokuNgcebeleka eNingizimu Afrika (SRSA) neKhomishani (SASC) bazinikele emgomeni "wokunikeza amathuba amahle ezokungcebeleka kubo bonke". Ezokungcebeleka zingacengwa ukuba kukhuthazwe ukungabandlululi ngokwebala, amathuba obuholi nokukhuthaza isizwe esinempilo.
ezombusazwe, ukuzimbandakanya, ukukhubazeka noma isikhundla.
Ukwabiwa kwezimali zezemidlalo ngokulinganayo.
Kubalulekile ukudala ukusebenzisana ngokuxhumana nezinhlangano emkhakheni wangasese ukuze kuqinisekwe ngokuqhutshwa kwemigomo ngokuyikho nangenkuthalo.
Ingxenye yabantu bakulelizwe ababambe iqhaza kwezemidlalo zokuncintisana balinganiselwa engxenyeni yokuyishumi ekhulwini. Lokhu akunambithisiseki uma kuqhathaniswa namanye amazwe, ikakhulukazi lawo mazwe asethuthukile lapho belinganiselwa ngaphezulu kwengxenye enga-50 ekhulwini.
kwamukela usizo lwamavolontiya.
Inqubeko/insebenziswano yezemidlalo nokungcebeleka inika umhlahlandlela wokunikela ngezidingo ezanele kusukela ezingeni labaholi bezemidlalo emphakathini, kuya kubaphathi bezifundazwe, kuzwelonke nezinhlangano zamazwe ngamazwe.
Ukubhekisisa izidingo zoqeqesho, ukuthuthukisa izinhlelo zoqeqesho, ukumisa uhlelo oluzolandelwa ekwenzeni lokhu okungenhla.
Ezemidlalo nezokungcebeleka zixhumene ngophawu lobuhlobo. abezeMidlalo nokuNgcebeleka eNingizimu Afrika neKhomishani (SASC) iyakwamukela ukuthi ezokungcebeleka zinika okungaphezulu kokubamba iqhaza kwezokuvocavoca nokuqinisa umzimba. Zibambe iqhaza elibalulekile ekuzimbandakanyeni kwezemidlalo. Lokhu kuthathelwa ekuthuthukeni ngokupheleleyo nohlelomgomo lwezemidlalo. Ukunikezwa amathuba ezokungcebeleka kuyisidingo esibalulekile emigomweni yentuthuko yezemidlalo nokungcebeleka.
Ezokuthuthukisa ezokungcebeleka kufanele kuhambisane nezimfuno futhi kusekelwe yizimfuno zomphakathi. Imiphakathi kufanele ifundiswe ukubamba iqhaza kwezokuhlela, ukulandela nokulinganisa imigomo yezokungcebeleka, ukuze kumiswe imigomo ngokubona kwalabo ababambe iqhaza. Ngaphezu kwalokho, imiphakathi kufanele izibophezele futhi ikwazi ukubika ngentuthuko yawo.
Ukuzimbandakanya kwezokungcebeleka kuyilungelo. Ukukhoneka nokufinyeleleka kwemigomo nezimfanelo kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika kufanele kuqinisekiswe, ngale kokunaka ubulili, ubudala, ibala, ulimi, amasiko, ukulandela kwezemidlalo.
Uhlelo lokuthuthukiswa kwezemidlalo luzungeza ezintweni ezine ezingumongo: Imfundiso nokuvocavoca umzimba, ezemidlalo zentsha nabantwana, ezemidlalo ezikhungweni zemfundo ephakeme nezinhlangano zikazwelonke.
a Ukuqondisa ukuthuthukiswa nokwethulwa kwezokungcebeleka okumbandakanya, ukudlala, ukuvocavoca umzimba ngokuvamile nokuzifunela/nokufuna isikhathi sokuphumula ngokuzijabulisa okunenzuzo, ukukhomba nokwenza imigomo yocwaningo nokubamba/ukwethamela imiboniso nezingqungquthela nezinhlanganiso zolwazi kwezemidlalo.
b Ukumela iNingizimu Afrika kuzwelonke, kumazwekazi kanye namazwe ngamazwe.
c Ukwaluleka uNgqongqoshe ngenqubomgomo kwezokungcebeleka.
Akukho nqubomgomo okuvunyelwene ngayo ngamahora azosentshenziswa kwezemidlalo noma ezokungcebeleka ngesikhathi sesikole.
Akukho malungiselelo ezingane ezisafanele ukuya esikoleni kodwa ezingafundi.
Ukuthuthukisa ezemidlalo zezingane ngokuhambisana nezemidlalo zezikole.
Zigxile kwabacebile kuphela. Zincane kakhulu izimfanelo zokuthuthukisa imigomo.
Ukulungisela imincintiswano yawo wonke amaqembu.
Akukho ukubhekisisa ngokwengqondo ukuvumbulula amathalente - ukuvivisa abazozimbandakanya "kwezemidlalo zabo bonke" kwezemidlalo zokuncintisana.
Ukuvula noma ukusungula isikole kuleso naleso siFundazwe, namagatsha kumarijini.
AbezeMidlalo nokuNgcebeleka eNingizimu Afrika (SRSA) neKhomishaniyezeMidlalo (SASC) iyakwamukela ukubaluleka kweqhaza elingadlalwa abesifazane namantombazane "ekwenzeni isizwe sidlale" ukuze kwenziwe lula imizimba enempilo. Ukulingana kobulili namalungelo abesifazane okubamba iqhaza kwezemidlalo kubaluleke kunako konke.
Izinhlangano zikaZwelonke ziyokhuthazwa ngabezeMidlalo nokuNgcebeleka eNingizimu Afrika (SRSA) neKhomishani yezeMidlalo (SASC) ukuba zisungule izinhlelo zabantu abadala. Ngaphezu kwalokho, amaqhawe kwezemidlalo ayoba imithombo ebalulekile yezinhlelo zamavolontiya.
AbezeMidlalo nokuNgcebeleka eNingizimu Afrika (SRSC) neKhomishani yezeMidlalo (SASC) bayakwamukela ukubaluleka kwezemidlalo empilweni enhle yabantu abakhubazekile futhi bayakukhuthaza izinhlangano nokwethula imisebenzi yezemidlalo nokungcebeleka kulamalunga - kusukela ezingeni lomphakathi kuya ekwenzeni kahle hle. Njengamanje kuneminye imigomo yokuziphatha kwezemidlalo enakekela izidingo ezikhethekile zabantu abakhubazekile, emkhakheni ethile yobudala babantu. Ezinye izidingo zingalungiswa ngezinhlelo ezimbandakanya eminye iminyango kahulumeni ethintekayo, njengowezeNhlalakahle, ezeMpilo, nezeMfundo, nezinye.
Kufanele kulolongwe ezemidlalo ukuze kwengezwe ubugugu ezindaweni zemisebenzi, ngoba phela ingxenye eningi yesikhathi sethu sisichitha emsebenzini. Ezemidlalo zingaba ekuqhubeni izifundo kwezoqeqesho, ukuphatha, ukuqeqesha, nokulawula ezemidlalo nokungcebeleka.
Kuyokwabiwa izidingo eziqondene ukuze kuthuthukiswe amakhono ezemidlalo nezimfanelo zabesifazane namantombazane. Kuyokhonjwa abantu abafanele abayongeniswa kwezokuqeqeshelwa ubuholi, ukuba ngumqeqeshi kwezemidlalo nokungcebeleka . Abavelele kwezemidlalo nokungcebeleka kuyokhuthaza ukumbandakanywa kwabesifazane namantombazaane kwezemidlalo nokungcebeleka.
B. Abantu Abadala nomthelela ekwehliseni ukuphatheka kabi, ukukhathala kanye nokungaphatheki kahle okwehlisa umkhiqizo. Kuhlongozwa ukuba kusungulwe amaqembu abasebenzi ukuze kwenziwe lula ukuzimbandakanya. Izinhlelo zabasebenzi zemidlalo zingasiza futhi ukuba yizizinda zokuvumbulula amathalente, nokuthuthukisa imincintiswano yezemidlalo. Lokhu kuyodinga ukubambisana kwezinhlangano zabasebenzi.
Ukusungula uhlelo lokwenza umsebenzi ovelele okuhloswe ngakho ukuba kulungiselelwe imiqhudelwano yezemidlalo emikhulu yabakhethiweyo.
Izingqalazisinda ezinhle kwezesayensi nolwazi zibonakala njengokuyizona ezisemqoka ekwenzeni umsebenzi ovelele.
Ukuqiniseka ukuthi yonke imigwamanda yezemidlalo nokungcebeleka iyahlangabezana nezimpokophelo zayo zokubhekela labo abenganakiwe ngaphambilini.
Njengamanje amaqembu eziFundazwe nakaZwelonke awakhombisi ukwehlukana kwezinhlanga noma ubulili (lapho kunokwenzeka khona), kwalapha eNingizimu Afrika.
Ngokucacile umongo othi "ezemidlalo zabo bonke" uthathelwe egugwini lokulingana nokufinyeleleka, okungafezeka kuphela ngemizamo yezinhlelo zokuhlanganisa ezizombandakanya abantu abavela emphakathini eyayinganakiwe.
Ukwenza ukusebenza (ukufeza obekuphokophelwe) kube yiyonanto ezosentshenziswa uma kuthathwa izinqumo ngokwabiwa kwezidingo ezifana nezimali.
Uma ngabe impumelelo itholakala ngokuhlinzekela ingxenye engama- 20 ekhulwini yabantu, ngabe ukuhlinzekela wonke umuntu (100%) kungaholela empumelelweni enkulu?
Imigomo yokuziphatha mayelana nokwenzelana ngobuqotho kusemqoka kakhulu kuyo yonke imigwamanda yezemidlalo, ikakhulukazi ukusentshenziswa kwezidakamizwa ezingavunyelwe nokuziphatha.
Ukubamba iqhaza ekwakheni umhlaba onokuthula ngezemidlalo ezingenabandlululo, ezidinga ukuzwana kwezinhlangothi zonke nomoya wobungani. Ubunye nokwenzelana ngobuqotho.
Ukumisa inqubomgomo yobudlelwane namazwe ngamazwe, ngokuvumelana nenqubomgomo kahulumeni kazwelonke.
Ngaphezu kwalokhu, iSASC iyosayida izivumelwano zamazwe ngamazwe eziphathelene nezemidlalo nokungcebeleka ngale kokwehliswa isithunzi sokuzimela seNingizimu Afrika.
b Ukunikeza indlela yokugogodiswa kwabathuka bezimbandakanya bazimbandakanye kwezemidlalo ezikhethekileyo kulabo abanekhono.
c Ukwenza ngcono ukudlala emicimbini yamazwe ngamazwe.
Kwethenjwa ukuthi lelibhukwana liyokhuthaza imicabango kulowo ozolifunda aqambe izinhlelo ezikhethekile ezizokwenza kuzwakale isisho esithi "senza isizwe sidlale", kanye " nokwenza ngcono impilo yabo bonke abantu baseNingizimu Afrika".
Ngaphezu kwalokhu, lelibhukwana kuhloswe ukuba libe ngumhlahlandlela womthetho ozokwenza kube nesiqiniseko sokuthi okuzuziwe akugcini nje kuphela bashiyelane ngolwazi lwabo nalabo abasadinga ukwalulekwa emkhakheni yokuqeqesha, ukuba unompempe noma ukuphatha.
Kusandulelo sesihlanu kuyamukelwa ukuthi impumelelo iyaba khona nakuba kukhona ukungahambi kahle kohlelo, ngokujwayelekile izidondo azitholakali ngengozi. Ukuzilungiselela kubaluleke kakhulu.
Isandulelo sesithupha nakuba singaqonde ukunquma, sithinta unembeza ngesidingo sokuba ezemidlalo zingakushayi indiva ukumelelwa, zingakwenzi kube "yinto okungaba kuhle ukuba nayo", kodwa benze ukumbandakwanya kwama-Afrika" kube yiyonanto eyoholela ekuzinzeni kwezemidlalo isikhathi eside.
Ngokuhlanganiswa kuthuthukiswe kodwa kwenze ukuthi ingqubekelaphambili eseyenziwe ingadonsekeli emuva.
Ukuhlolisiswa kwangempela kwalelibhukwana kukhombisa ukuthi lokho okuhlongozwayo kungafezeka, uma nje kungahlolisiswa amathuba okuhlanganyela.
Esandulelweni sokuqala sinethemba lokuhlambulula umthelela wokungabiki. Kuyochazwa kucaciswe indima noma iqhaza lalowo nayilowo kulomkhakha wezemidlalo.
Ngesandulelelo sesibili nesesithathu sikholwa ukuthi izingqalasizinda kanye nezidingo zabasebenzi bezemidlalo nokungcebeleka ngeke zishiywe emuseni wezinhlangano zikazwelonke, ikakhulukazi ngenxa yokungabi nazo izidingo ezinjengemali ezanele esingazisebenzisa. Esandulelweni sesine sikhuthaza intsha ukuba idlale izijabulise emkhakheni eminingi yezemidlalo eseyenziwe ngcono; ukuvumbulula kuleliqembu labo abanamathalente nokubenza bathuthuke kwezemidlalo.
Esandulelweni sesikhombisa , sibhekana nemgomo wokwenza okulungile kwezemidlalo nokumisa imihlahlandlela yokuziphatha ngemfanelo kulawo maqembu athintekayo.
Ngokubona ukuthi ezemidlalo yinto yamazwe ngamazwe, isandulelo sesishiyangalombili sikhombisa isidingo senqubomgomo ngobudlelwane bamazwe ngamazwe, okungabo ezemidlalo zingathola ukwesekwa nokusimamisa ezomnotho.
Ekugcineni, nakuba inqubomgomo ingafiki lapho kuqondwe khona kodwa iyisiqalo sohambo. Uhambo lapho bonke abantu bayoba nokufinyelela okulinganayo kwezemidlalo nezokungcebeleka kanye namathuba amaningi okuba bafezekise amathalente abo.
Umdlalo wokuqinisa umzimba kwabo bonke wamazwe ngamazwe.
Isithunywa somhlaba esibhekele ukungasentshenziswa kwezidakamizwa ezingavunyelwe.
